Ngife Olwembiza Ngife Olwembiza

Ngife Olwembiza

Publisher Description

“Ngife Olwembiza” yindaba emfushane exwayisa ngesimo sokuqolwa kwabantu ngokuthi bakhohliswe ngabathize ukuthi balethe imali yabo kubo ukuze ibuye isiphindiwe, kuthi uma sebeyifakile imali yabo kulelobhanoyi maqede lindize noma liphahlake. Kungesikho ukuthi kukhulunywa ngebhanoyi elindiza phezulu kodwa kukhulunywa ngamaqola aganga ngabantu, amaqola athatha izimali zabantu ngomgunyathi maqede abantu besale bencela izithupha.okubi kakhulu wukuthi lemali abasuke beyifake kulelobhanoyi abanye babo basuke beyibolekile, abanye babo basuke bekade beyisebenzele iminyaka maqede bathathe umhlala phansi. Aphunyelwe yimali yakhe yokugcina umuntu ngethemba lokuthi kuzobuya enye, ayithathe ayigibeze ebhanoyini maqede ibhanoyi lindize nayo noma liphahlake nayo. Asale ebulawa wumzwangedwa. Into embi wukuthi leso senzo sigcina silimaze nalabo abaseceleni kwalowo olahlekelwe yimali ngoba abanye kusuke kuthenjwe bona.

GENRE
Fiction & Literature
RELEASED
2018
11 July
LANGUAGE
ZU
Zulu
LENGTH
19
Pages
PUBLISHER
Nomonde Nelisiwe Jele
SIZE
129.5
KB

More Books by Nomonde Nelisiwe Jele