Mamatheka Nhliziyo Yami Mamatheka Nhliziyo Yami

Mamatheka Nhliziyo Yami

    • $13.99
    • $13.99

Publisher Description

Abafundi bemibhalo yesiZulu bahlale bekhala ngenxa yokuntuleka kwezincwadi ezikhuluma ngqo nentsha kanye nabadala abaphila esikhathini samanje. Leli qoqo lezindaba ezimfushane elethiwe igama elithi “Mamatheka Nhliziyo Yami” libhalelwe khona lokho-ke ukuthi lithobe amanxeba labo abamiphefumulo idungekile, bemiphefumulo inhlwempu, intula imibhalo yesiZulu, ekitaza inhliziyo.
Izindikimba esizithola kuleli qoqo zindingida izinto ezifana nobubha;, ukwehlukana kwamasiko;, ukwehlukana ngokwenkolo, ukwehlukana ngokwamazinga empilo phakathi kwalabo abadla izambane likampondo nalabo abadla imbuya ngothi. Ezinye izindikimba ezinohlonze zimayelana nobudlelwano bezothando, ubudlelwano phakathi kwabazali nezingane, ukungathembeki kanye nokubaluleka kokwazi imvelaphi yakho.
Lezi zindaba zivuselela ithemba kulabo abazithola besesimweni sokucindezeleka. Kungaba ukucindezelwa wumphakathi, umndeni, isimo sempilo, isimo senhlalo, izinkolelo, ubandlululo, kanye nezinye izinto ezingenza umuntu akhathazeke emoyeni. Isihloko sale ndaba siyazishonje, sigqugquzela ukumamatheka kwenhliziyo nenjabulo engenawo umkhawulo.
Leli bhuku libhalelwe ukuthi lingafundwa ngabancane kanye nabadala. Alibhalelwe nje ukuzithokozisa kuphela kodwa umbhaliwalo uphonsela inselelo umphakathi ukuthi ucabange ujule ngezinselelo ezibhekene nentsha, abazali, izinhlaka ezithize zomphakathi kanye nezinqumo esizithathayo singabantu jikelele.
Ibhuku leli lihlelwe ngokuthi lilandele uhlelo lwezemfundo lwaseNingizimu Afrika olwazi wange-Curriculum Assessment Policy Statements (CAPS). Ekugcineni kwebhuku kukhona amanothi achaza kabanzi ngemibhalo, izinhlobo zemibhalo kanye namasu okuhlaziya imibhalo. Kuphinde kube khona nesivivinyo esisethwe ngokuthi kulandelwe indlela yokuhlela izivivinyo zephepha lesibili. Isivivinyo lesi siphelezelwa wuhla lwezimpendulo.
Nansi-ke zingane zikaCetshwayo, isibekiwe entendeni yesenu isandla ukuba niyifunde, niyihlaziye, nimamatheke izihlinziyo.

GENRE
Fiction & Literature
RELEASED
2018
July 31
LANGUAGE
ZU
Zulu
LENGTH
81
Pages
PUBLISHER
Sicelo Ntshangase
SELLER
Draft2Digital, LLC
SIZE
285.7
KB