Yingakho Engafanga! Yingakho Engafanga!

Yingakho Engafanga‪!‬

    • CHF 8.00
    • CHF 8.00

Beschreibung des Verlags

“Usuphendulana nami manje wena? Mawungafuni ukuthatha la maphilisi ngizokubamba ngenkani ngikugxishe wona, phuza la mi.” esho esondela manje kuye uZulu. Anikine ikhanda uSphumelele etshengisa ukungawushintshi umqondo wakhe. Amgxumele ngokuphazima kweso uZulu afune ukumgxisha ngenkani amaphilisi lawa. Ambambe umqala ezama ukumvula umlomo, nokho kungabi lula ngoba naye uSphumelele uyabhilita ngapha. “Vula umlomo wena doti, ngizokubulala namhlanje ngifunge oNdabezitha bephelele.”

UNkulunkulu uyazenza ezinye izinto ezithathwa njengesiqalekiso aziphendule isibusiso. Kwesinye isikhathi ukufa komuntu kubukeka kuyindlela elula ukuphuma ogibeni okanye ehlazweni kepha futhi ngokuphila kwakhe kukhona okuhle asangakufeza. Ubulawe lani uSphumelele lapha? Ubulawa ngubani? Zitholele ngokwakho izimpendulo zale mibuzo ngokufunda le ncwadi. Ngiyaqinisekisa ukuthi izokushiya ubambe ongenzansi. Ithokozele!

USphamandla Ndebele uzalwe nguNompumelelo Mdunge kanye noNhlanhla Madlala ngonyaka we-1993. Uzalelwe endaweni yase-Sweetwaters kwaZayeka eMgungundlovu nokuyilapho afunde khona kusukela emabangeni aphansi waze waphothula umatikuletsheni eMsimude High School. Uneziqu zezifundo ze- Bachelor’s Degree of Education aziphothule eDurban University of Technology (Indumiso Campus) ezigxile kwi-Biology kanye ne-Mathematics. Njengamanje ufundisa eNgcedomhlophe High School eMafakatini.

GENRE
Religion und Spiritualität
ERSCHIENEN
2017
3. August
SPRACHE
ZU
Zulu-Sprache
UMFANG
65
Seiten
VERLAG
Sphamandla Ndebele
GRÖSSE
313
 kB