Imbango Yezizukulwane
-
- $7.99
-
- $7.99
Publisher Description
Kuhlala kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwabantu abaphila impilo yesimanje kanye nalabo abafuna izinto zihambe ngokwesiko lesintu. UFuze yena wehlukile ngoba noma eyisifundiswa nje uwathanda kabi amasiko akhe. Into emfakela ugqozi kakhulu ngumlando kamkhulu wakhe uPhakimpi. UPhakimpi wayephila ngenkathi izwe lingakangenwa yimpucuko yamanje. Emkhankasweni wakhe wokungafuni umlando ukhohlakale, uxoxela umzukulu wakhe uLwazi, ngalezigigaba zikaPhakimpi. Izingxoxo zabo ziveza ubudlelwano obuhle phakathi kwempilo yakudala nempilo yanamuhla. ULwazi akazibukeli phansi izinto zakudala, kunalokho uthole indlela yokuzisebenzisa esikhathini samanje. Halala! Lwazi, bayokubamba phambili abanejubane.